Ukuvuselelwa kwenkontileka yokusebenza: Qinisekisa ukuthi okubhalwayo kwenziwe!
Sesiphakathi nonyaka u-2009 futhi sesingene zi ebusika. Njengoba izinsu-ku ziba mfushane futhi zibanda, sethemba ukuthi sizokuthulela imfudumalo nentokomalo ngalolu shicilelo lwesibili lwe-Facet luka-2009.
Isimo sokubukeka esisha se-Facet sithole ukwamukelwa ngentokomalo nangomdlandla ngamalungu, futhi sethemba ukuthi uzothola lezi zindaba zihlaba umhxwele, zimnandi futhi ziwusizo.
Uma umuntu ecabanga ngokuthi imisebenzi ka-GEMS igxile ngokuphelele ekugcineni amalungu ayo angaphezu kwe-350 000 ejabulile futhi ephilile, kuyamangaza ukuthi kukancane kanjani lapho sithola khona ukwabelana ngezindaba eziyiqiniso - ezinesiphetho esihle - zamalungu ethu. Enye yalezi zindaba ngekaMzimasi Ngqelu nokuthi wasinda engcupheni yokufa, okamuva nje wafika emahnovisini ethu. Sathinteka kakhulu ngomthelela we-GEMS ebe nawo empilweni yakwe. Angizukona indaba ngokunitshela kabanzi aka konke lapha; kodwa uma nipheqela ekhasini elilandelayo ningafunda ngendaba yakhe ehlaba umxhwele.
Kulolu shicilelo siphinde sembule umcintiswano wamalungu ethu, i-Sis-onke, ogqugquzelwe ngokuvelele uMzimasi. Siyakugqugquzela ukuba uwungenele umncintiswano ngoba singathanda ukuzwa ukuthi ingabe i-GEMS iyithinte kanjani impilo yakho.
Sibe sesethula izinsuku ze-GEMS zokuhlolelwa ubukahle bempilo, eziletha izinsizo zokuhlolwa impilo emsebenzini. Olunye usizo olusha olwethuliwe kulolu shicilelo uhlelo olusebenizisa umakhalekhukhwini pecelezi olubizwa ngokuhi "SMS benefit lookup", okugqugquzelwa amalungu ukuba ayise-benzise. Konke ongakwenza mayelana nokuthi ungazuzani ngaphambi kokuba ufake isicelo ngukuthumela i-SMS oHlelweni lwakho oluphuma phambili, sizobe sesikuphendula esikhathini esiyimizuzwana sikuphathele lonke ulwazi oludingayo.
Olunye nolunye uhlelo luchazwe kabanzi kuleli bhukwana lezindaba - nga-kho qinisekisa ukuthi ufunda ngakho konke. Ekulungiseleleni lomyalezo ngizamile, njengasemihleni, pukuginiseka amalungu ethu ukuthi i-GEMS iyaqhubeka ngokungakhathali ukufuna ubuhle. Amalungu aya qhubeka ngo futhi lamalungu ethu athathwa futhi aphathwe njengabantu abafanelwe izinsizo ezingcono kakhulu.
Ngethemba ukuthi nizolujabulela lolu shicilelo lwe-Facet, kuze kube isikhathi esilandelayo - hlalani ngemfudumalo futhi niphila.
nyango Wezimboni Zikahulumeni, oyilungu le-GEMS, akakaze akhumbule kahle usuke njengoba ekhumbula lelo mhla ethola incwadi yesikweleti sezempilo eposini.
Ngokushesha ngabona ukuthi bengingasoze ngakwazi ukukhokha imali enganga-R180 000 yezindleko zesibhedlela ngemali ephuma ephoketheni lami" kuchaza uNgqelu. "Imali enkulu i-GEMS eyikhokhile ukubhekana nezindleko zesibhedlela zaqinisekisa ukuthi ngithola uk welashwa okungcono kakhulu.
Wabe esedluliselwa esikhungweni sokululamela e-Kensington, eGoli, lapho athola ukwelashwa komzimba nokuhlolwa kwengqondo. NgoJanuwari 2009 wabe esekulungele ukubuyela emsebenzini; okungokuthile odokotela ababe-cabanga ukuthi kungeke kwenzeke. Impilo yakhe yaguqukelela kokugcono. Usho njalo. Ngazisa impilo kakhulu futhi sengize ngazitholela unkosikazi," engeza inku-lumo yakhe. Washada ngoNovemba ngonyaka odlule noNqobile Mangena (manje osenguNgqelu). Manje usejabulela impilo yakhe entsha futhi uzama ukugqugquzela abantu abaningi ukuba babe ngamalungu e-GEMS. " Ngiyabonga futhi, GEMS" ephet-ha. "Anizange nenze umahluko empilweni yami kuphela, kodwa nasiza ukuy-isindisa."
lo yelungu lomndeni wakho Noma ingabe impilo yakho isingcono futhi ithuthuke kakhulu selokhu waba yilungu le-GEMS?
Singathanda ukuzwa ngakho konke okuhle okwenzekile kuwena njengelungu le-GEMS. Uma wabelana nathi ngodaba lwakho njengoba uMzimasi Ngqelu enzile, kungenzeka ucatshangelwe umklomelo! Akudingi ukuthi ube ngumbhali oqavile noma uxoxe indaba kahle; udinga kuphela ukuba nodaba oluhle ongaluxoxa.
Kulula! Sithumele umkhahlamezo, imeyili noma incwadi ngeposi lapho usitshe-la ngendaba yakho eyakhayo. Ungakwenza lokhu nganoma iluphi ulimi oluse-mthethweni - sizozifunda zonke.
Khumbula ukufaka igama lakho, imininingwane yokuxhumana kanye nenombolo yobulungu.
Kuyintokozo ukunazisa ngomncintiswano owenza umahluko. Empeleni um-ncintiswano owenzelwe wena nje. Uma uyilungu le-GEMS ngaleyo ndlela uyafaneleka ukuwungenela. Uma uyilungu usethubeni lokuphumelela umklomelo ongathandwa ngabaningi. Okwakho ngukwabelana na-manye amalungu osebenza nawo ngodaba lwakho, ngaphezu kwakho konke - nathi.
Ingabe ukuba yilungu le-GEMS kusindise impilo yakho noma impi-Sinentokozo yokunethulela ukuthi abezuzayo manje sebenokufinyelela oHlelweni lakwa-GEMS lwabakhulelwe. Lolu hlelo laqaliswa ngomhla lu -1 Meyi 2009 futhi luhlinzeka abakhulelwe abangabazuzayo ngokusekelwa, ukufundiswa kanye nokwelulekwa kuwo wonke amazinga okukhulelwa nangemuva nje kokuteta.
Lusebenza kanjani luhlelo?
Lolu hleloluholwa ngabaphathi bezimo, abangabahlengikazi ababhalisile abanolwazi olwedlulele lokubelethisa. Laba hlengikazi bazokusiza ngezinqubo zokubhalisa futhi bangathintwa nanoma kukuliphi izinga lokukhulelwa ukuze bakweluleke ngolwa a lola kuhelwa kwakhoi.
Uzothola incwadi yakwa-GEMS ekhuluma nango kubeletha ngokukhulelwa, ehlinzeka ngolwazi olubalulekile komame abakhulelwe.
Omama bathola isikhwanyana sesipho esivela kwa-GEMS! Lesi sipho sithunyelwa omame abase zingeni ezinya ezintathu zokukhulelwa.
Uba nokufinyelela olwazini lwezempilo oluzokusiza ukunquma ngempilo yakho nangezinqumo zokuteta nodokotela wakho noma umbelethisi.
Ukwelulekwa kwasocingweni kanye nokusekelwa kuyatholakala uma unezinkinga emavikini okuqala okuba ngumzali.
Sicela uqaphele: Lolu hlelo lumahhala kumalungu futhi ukuzuza okujwayelekile kokukhulelwa kusasetshen-ziswa. Lolu hlelo luhlinzeka amalungu okuningi okuyinzuzo kodwa alimele izeluleko ezizwakalayo zokwe-lashwa nokunakekelwa okuvela kodokotela.
Ngilubhalisela kanjani lolu hlelo?
Kukangakhi uzithola kufanele uhlole inzuzo esohlelweni lakho lezokulashwa ngokushesha Siyakwazi lokhu ukuthi kujwayeleke ukuba kuphuthume futhi sibe sesihlupha izingqondo zethu ukuthola isixazululo?
Kulula, thumela i-SMS enalolu lwazi olulandeayo kule nombolo: 33489 (i-SMS Ibiza u-R1.50): Isinyathelo soku-1: Uhlobo Lokuzuza Isinyathelo sesi-2: Bhala inombolo yobulungu bakho ye-GEMS Isinyathelo sesi-3: Khetha ukuzuza odinga ukukuhlola kumathebula angezansi (Qaphela: uhlu ngalunye luhlolwa nge-SMS eyodwa). Isinyathelo sesi-4: Bhala usebenzise ikhodi emfushane uthathela ohlwini olungezansi. Isinyathelo sesi-5: Bhaka i-dependant code yakho (ungakuthola lokhu ngemuva kwekhadi lakho lobulungu ngaphansi kwe"gama", isib: 00, 01 njll.) Uma ungelona ilungu elikhulu bhala u-"00". Isinyathelo sesi- 6: Cindezela u-"send" kumakhalekhukhwini wakho.
Uma i-SMS yakho ingaphumelelanga, uzothola impendulo ephuma kwa-GEMS echaza ukuthi kungani ingaphumelelanga. Ungalilungisa lelo phutha, bese uthumela i-SMS entsha ukuze uthole ulwazi oludingayo. Uma uneminye imibuzo xhumana nabakwa-GEMS kwi-Call Centre yabo kule nombolo: 0860 00 4367.
Abasebenzi bakahulumeni abangewona amalungu e-GEMS nabo bazothola ithuba lokusebenzisa lolu sizo olwehlukile.
Ngokumenywa wumnyango wakho, abasebenzi bezempilo bakwa-GEMS bazohlela indawo yokuhlolwa impilo kumnyango wakho. Bonke abasebenzi bazokwazi ukuyohlolelwa ubukahle bempilo usuku lonke.
Abasebenzi bezempilo bazoba khona ukuba bazoxoxisana nawe ngomlando wempilo yakho nokuhlola kwezempilo. Kuzoxoxiswana ngabanye ngemiphumela yokuhlolwa kanye nomlando, futhi nokululekwa kuzotholakala mayelana nokuthi iziphi izinyathelo okufanele zithathwe.
Ngosuku lakwa-GEMS lokuhlolela ubukahle bempilo, kungeke kudinge ukuthi abasebenzi bazibekele izikhathi ngabanye, ngoba abasebenzi bezempilo bazobe bebalinde endaweni ehleliwe. Badinga nje ukuya lapho. Ukumasashwa kwekhanda nentamo nakho kuzohlinzekwa kubo bonke abasebenzi njengokungeziwe okuhle okuvela ohlwelweni lakho losizo lokwelashwa.
Bonke abasebenzi ababamba iqhaza ekuhlolweni bokukahle kwempilo bazothola ulwazi ngengozi yezimpilo zabo ngabanye nangezinyathelo okufanele zithathwe ukuqanda noma ukwehlisa inkinga yezempilo.
Yini ezokwenziwa ekuhlolweni kobukahle bempilo?
Bonke abasebenzi kuzodingeka ukuba bagcwalise ifomu lemibuzompendulo lezempilo elilula, elizohlinzeka umsebenzi wezempilo ngolwazi oluthile lwe-phrofayili yengozi yempilo yabo ngaphambu kokuba kuhlolwe.
Isisindo nobude, kusetshenziswa i-indeksi yomzimba..
Engxenyeni yesibili yochungechunge lwe-WEB SMART sikutshe-la kabanzi ngokwethulwa kwesiGaba i-"My Wellness" Sobukahle Bempilo Yami esiku-GEMS website, esikuhlinzeka ngalo lonke ulwazi lwezempilo kanye nokucetshiswa okudingayo. Unoku-finyelela kuma-athikili olwazi lobukahle bempilo kanye nomtapol-wazi wezempilo omkhulu wezimpawu, izimo, izinkambiso, kanye nemithi. Thola isihloko osithandayo ngokusebenzisa uhlelo lokubuka ushesha kalula. IsiKhungo Sosizo Lokuqala sihlinzeka ngokuthi kufanele wenze njani masishane uma kwenzeka ingozi yezempilo engalindelekile. Ungafunda futhi ngokubona izimpawu zokuhlaselwa yinhliziyo nokuthi ulunika kanjani usizo lokuqala.
Ikomidi Lokulawula, Liqinisekisa ukuthi ukuphathwa kwenhlangano okukahle kuyasetshenziswa ezindabeni Lengozi Nabahlan-zoHlelo Losizo Lokwelashwa, ngokuqinisekisa ukuthi uHlelo Losizo Lokwelashwa ganeli alephuli nanoma imuphi umthetho ekusebenzeni kwalo. Lifanele liphinde liqinisekise ukuthi izingozi zebhizinisi yoHlelo Losizo Lokwelashwa ziyabonwa futhi ziphathwa ngendlela kanye nangenhloso yokuvikela ukunaka kwabo boke abahlanganeli.
Ikomidi Lokushay-Licabangisisa lizimele futhi lihlale lapho kunanoma ikuphi ukushayisana uMsebenzi isana Omkhulu angakudlulisa ukuba kulanyulwe.
Uma usebenza ngenkotileka yesikhashana, yesikhathiesibekiwe, noma eguquguqukayo kuhulumeni kubalulekile ukuthi kugcwaliswe amaphepha afanele ngenkathi inkontileka yakho ivuselelwa futhi lokho kufanele kufakwe ohlelweni lokuhola.
Uma lokhu kungenziwa, umholo wakho engengakhokhwe kanti ne-GEMS ingekwazi ukuthola imali yakho yohlelo losizo lokwelashwa. Lokhu kunga-holela ekutheni inzuzo yakho ivalwe futhi kuchithwe izicelo zokukhokhela indleko zokwelashwa.
Buza uphiko lwakho le-HR ukuba likulungiselele ukudonswa kwemali emholweni wakho ngqo ukuze kukhokhwe imali ekhokhwayo eyisikoleti. Ungashayela i-GEMS call centre ku-0860 00 4367 ucele incwadi i-0189, ongabe usuyithatha uyise ophikweni lakho le-HR. Incwadi izochaza ukuthi yini okufanele yenziwe.
Khumbula: Uma ungakhokhi ngokuphelele, lokho kungabanga uku-thi ukhishwe ekuzuzeni okungadala ukuthi izicelo zakho zokukhokhwa kwezindleko zichithwe.
Uma ucabanga ukuthi kukhona okwenzekayo okuyinkohliso, xhumana nabakwa-GEMS ngocingo oluphuthumayo, olulawulwa ngabakwa-KP-MG. Ungesabi ukubika noma ngabe yini engahambi kahle ocingweni olusheshayo, ngoba iwusizo olungachemile futhi olungeke lwaziwe. Inom-bolo yocingo olusheshayo lwamahhala ihlala ivuliwe amahola angama-24, izinsuku eziyisikhombisa. Yenza okufanele!
Shayela inombolo ethi 0800 21 2202 (mahhala).
Ungakhetha ungakhetha ukuhlala ungaziwa. Hlinzeka ngeminin-ingwane ephelele kophendula ucingo. Imininingwane efana nalena ifanele iqukathe ukuthi; ubani, wenzani, kanjani, kuphi, nini nemali ethintekayo.
Ngezinsizo zabangani bakwa-GEMS zosizo olukuvumela ukuthi ufune usizo endaweni ohlala kuyo nge-SMS, manje sebethuthukile. Uma kungekho ohlinzeka ngosizo endaweni yakho, usizo luzokufunela umsizi endaweni yakho ngokuzenzakalelayo. Uma kungekho ohlinzeka ngosizo ngakini, owethula usizo uzobe esezama kumalokishi noma amadolobha angomakhelwane. Faka isicelo usenze sikufunele.
Umfuna kanjani umuntu ohlinzeka ngosizo lwezempilo usebenzisa abangani baka-GEMS Vele uthumele i-SMS ku-33489 ngale ndlela elandelayo: Faka inombolo yakho yobulungu, uhlobo lomuntu ohlinzeka ngosizo lwezempilo, ilokishi kanye dolobha?
